                                     4

                                  UMHLABA

                                  

Iyini injongo okwamanje?

Inkinga yokuthi ngubani ongumnikazi wezwe yinkinga enkulu eningizimu
Afrika. Kufanele sabe umhlaba ngokulinganayo. Sibenesiqiniseko sokuthi
siyawunakekela umhlaba.

Esikhathini esendlula, umhlaba wathathelwa abantu abansundu baseningizimu
Afrika. Iningi lawo lomhlaba wawuphathwa abamhlophe. Abantu basemapulazini
babekhishwa ngaba ninimapulazi. Omame abansundu kwakunzima ngabo ukuthi
bathole umhlaba ube ngowabo.

Abalimi abamnyama babephiwa umhlaba omncanyana nje wokulima kunzima ukuba
baboleke nemali ebhange. Bona bebengalutholi usizo kuhulumeni njengabo
abamhlophe, abanamapulazi babe luthola. Yikho lokhu okwenza kube nzima
ukuthi abansundu babenamapulazi balime, kanti enye inkinga ukuthi bekuhlala
abantu abaningi emhlabeni omncane, amadlelo nawo emancane. Lokho kudale
ukuguguleko komhlabathi nokumosheka komhlaba.

Ngenxa yalokhu umhlaba awuzange ukwazi ukumilisa izitshalo. Lokho kusho
ukuthi abantu babampofu. Izimpilo zabo zaba zimbi kakhuiu ngenxa yokuthi
abakutholi ukudla okulingene abangakudla. Abantu bazama ukulima ezindaweni
ezazingalungele ukulinywa ukuze balime ukudla. Lomhlaba wawonakele nawo.
Umhlabathi wasemaphandleni wonakele ngazo lezi zinkinga.

Ukuniselwa kakhulu umblabathi kona umhlabathi. Emva komonakalo womhlaba
awusafanele ukutshala kuwo ukudla.

Umhlabathi eningizimu Afrika ungonakala kalula. Kufanele siwuvikele
umhlabathi, kodwa kufanele sithole ulwazi olunzulu mayelana nokonakala
kwalomhlabathi ukuthola ikhambi ukuze sikwazi ukuxazulula lenkinga ekhona.
Ukonakala komhlabathi yiyona nkinga enkulu ukundlula zonke eningizimu
Afrika. Kodwa asenzi okulingene ukuvimba lokho. Kunzima kanti futhi
kuyabiza ukwenza umhlaba owonakele ubuyele esimeni sawo.

Umhlaba wase Ningizimu Afrika usetshenziselwa kakhulu amadolobheni,
emapulazini, ukulonda imvelo ngokutshalwa kwezihlahla. lsithathu ebuneni
somhlaba usetshenziselwa ulimo. Imindeni engu 1.5 m yethembele kwezolimo
ukuze bathole imisebenzi.

Muncane kakhulu umhlaba weningizimu Afrika olungele ukulima. Izindawo zase
tshonalanga nemaphakathi nelizwe zithola imvula encane. Lowomhlaba ngo
wokufuya izimvu, izintshe nezilwane zasendle kanti futhi zenzelwe
bokuvakasha bezobuka indawo nemvelo eyongiwe.

Ibhokisi lesine ngakusokudla lilnda nomonakalo womhlaba nasemaphandlenis

Ukuphathwa komhlaba:

Esikhathini esendlule uhulumeni wakhuthaza indlela yabalimi abamhlophe
leyondlela yawona umhlaba. Lababalimi babenolawulo kakhulu ezweni labo
kanye nakubantu abahla emapulazini abo.

Ezabelweni nasemaphandleni kanye nenkambiso yesizwana akusebenzi kahle.
Umhlaba wonakala ngokungaphathwa ngokwesiko ususetshenziswa uwonke-wonke.
Lokhu kubange ukuthi umhlaba wonakale, lowo owawuvikelwa ngamasiko
ekuphetheni nendlela yokusebenzisa amadlelo. Miningi iminyango kahulumeni
ebhekene nezomhlaba. leminyango ayicabangi ngokufanayo maqondana nomhlaba
wokuthi uphathwe kanjani umhlaba. Awukho umgomo wokuphathwa komhlaba
kufakelelwa nezemvelo.

Umgomo ophathelwe uhulumeni omusha:

UHulumeni kufanele enze ukuthi abantu abansundu bathola umhlaba wabo futhi

uHulumeni we-ANC usushilo ukuba bazokwenza lokho. Kodwa ngalesisikhathi
benze isiqiniseko sokuthi sithole ukuda okuningi, futhi singawoni umhiaba.
UHulume kufanele awusebenzise kanjani umhlaba?

Kuyodingeka ukuba uhulumeni asebenze kakhulu emaphandleni nasezabelweni
ukulingisa umhlaba kulezi zindawo.

 BHOKISI 4

 Iminyaka eyinkulungwane namakhulu ayishagalolunye neshuminantathu kanye
 neminyaka eyinkulungwane namakhulu ayisishagalolunye namashumi amathathu
 nesithupha wesenzo somhlaba uphe umhlaba omuhle abamhlophe yokulima
 AbaNsundu bona banikezwe umhlaba omncane wasemaphandleni.

 Amakhayo endule aswela imvume kwimvelo yamacebo. Futhi bezwa ubuhlungu
 obuvela ebumpofini, abantu abaningi bahlala emhlabeni omncane. Abantu
 abaningi batshala ummbila, banezinkomo, nezimbuzi. Bathola imali
 ezihlobeni ezisebenzayo ezimayini.

 Abalimi bamakhaya endlule babesebenzisa omningi umanyolo bokuzolisa,
 lezizithako zona umhlabathi.

 Ngoba kunomhlaba omncane, kodwa izinkomo ziningi, izimvu kanye nezimbu
 zidinga utshani, lokhu kwenza utshani bube buncane kanye nezitshalo
 zomhlaba.

 Amanzi ahlanzekile awanikezwa kubantu basemaphandleni, abantu bathola
 amanzi avela emifuleni nasemithonjeni. Ukungcola kwalamanzi yikho okwenza
 abantu babe nokugula. Ukomisa kwezulu kwenza abantu abalimayo
 abasemaphandleni

 Ezimayini, eminyakeni emihlanu kuya kweyishumi baphungula eziningi
 izisebenzi. Labo bantu babuyela emuva emakhaya emaphandleni bandisa
 isibalo sabantu abangasebenzi sabasiningi

 Uhulumeni omusha kufanele enze umsebenzi ube muningi ukuthuthukisa isimo
 sezinto abuye athuthukise izinga lempilo kubantu ba kulendawo.

Iminyango kahulumeni eyahlukene abheke nezwe lethu, njengezigigaba zemvelo,
nezigigaba zezamanzi, kanye nesayensi ephathelene nokubhalwa kwamahlathi,
ezolimo nezigigaba zezwe kufanele zisebenze ndawonye ukuphatha izwe.
Dezezwe namaprovinsi kanye nohulumeni wendawo kumele basebenze ndawonye.

1. Uma umhlaba unikezwe abantu uhulumeni kufanele abancede ukuvikela
umhlaba

ekonakaleni.

2. Uhulumeni kufanele athuthukise umgomo omuhle wokuthuthukisa

ukusetshenziswa komhlaba. Uhulumeni wesizwe kufanele abe nebandla
lokuqondisa.

3. Abantu basendaweni ethile kufanele bangenele zonke izinqumo zokuba

umhlaba ungasetshenziswa njani.

4. Abalimi nabanye abantu abaphatha noma abasebenzisa umhloba kufanele
bavikele

lowomhlaba.

5. Abesifazane kufanele banikezwe amalungelo alingene wokuphatha umhlaba

kufanele basizwe ukuthola umhlaba.

6. Amalungelo abasebenzi bezolimo emaphulazini kufanele enziwe ngcono.
Labobasebenzi kufanele bagcizelele ukuthi bavunyelwe ukuhiala kulawo
mapulazi.

Ukuncoma

1 . Imithetho yokuphathwa komhlaba kanye nokusetshenziswa kwamacebo
kwenziwe ngokuqiniseka ukuthi abantu abaphatha noma abakhokha imali
yokuqasha indlu nomhlaba bawuqaphele. Ukwabelwa komhlaba kufanele uzuzwe
wonke umphakathi waseningizimu Afrika hayi abanye abantu bangaphandle

2. Uhulumeni kufanele eqophe umbiko wokuba umhlaba ungasetshenziswa
kanjani.

3. Uhulumeni kufanele asebenzise imithetho, imali yentela kanye nezinye
izindlela

zokumisa abantu ekonakalisweni komhlaba. Konke ukulinywa okuhle komhlaba
kufanele ilethe ibandla lezolimo nganhlelanye kuphela. Amaproject:
wokuvikela umhlabathi kufanele enziwe abe namandla.

4. Zonke izinqumo zonkusetshenziswa komhlaba kafanele zibheke ukuvikelwa
kwemvelo. Owesizwe, namaprovinsi kanye nohulumeni osendaweni ethile
kufanele basebenze ndawonye ngolokhu.

5. Sidinga ukuthola kabanzi ngokonokaliswa komhlaba ngokungalungile.
Sidinga ukuthola ukuthi umhlaba usonakaliswayini ngokushesha. Kufanele
sisebenzele ekutheni singavimbela kanjani ukonakaliswa nokwenza ngcona
ukuvikela umhlabathi ungonakaliswa. Singadinga ukuguqula izindlela zabantu
basemaphandleni ukuze kuvikelwe umhlaba. Kufanele futhi sivikele umhloba
oseduze kwemifula. Ukusetshe-nziswa ngokungalungile komhloba kungenza ukuba
umhlabathi uguguleke. Uma kundlulele kakhulu umhlabanthi ungena emanzini
okwenza ukuba kube nzima ukuba izitshalo nezilwane ziphile emifuleni.

6. Sidinga ukuthola kongcono ukuthi amakhosi anika abantu umhlaba futhi
sidinga ukuthola ukuthi umhlaba unikezw kubantu kumenywa amazwe aseAfrika.
Lokhu kuzosifundisa ukuba sifunde kwiziphosiso zabo.

7. Uhulumeni kufanele afundise umphakathi ngokubaluleka kokuvikelwa
komhabathi nomhlaba wethu.

  ------------------------------------------------------------------------
Okuphakathi
